|
January- uMasingana
Abalimile babehamba beqalaza emasimini ukuthi kukhonani, kumilile ukudla yini “ukusinga” ukuhamba uqalaza.
February- uNhlolanja
Inyanga yokuphingana kwezinja.
March- uMbasa Inyanga yokotha umlilo. Kusuke kuqala ukungena amakhaza
April - uNgulazibuya/uNdasa
Omame baqala ukuhlanza izindawo zokubhula amabele okuthiwa ‘izibuya’. Ukwe’ngula’ kusho ukuhlanza.
May- uNhlaba Sekuvuthwe inhlaba (aloe) abafana sebefula uvovo
June- uNhlangulana
Izihlahla seziqala ukuvuthuka amaqabunga, kusebusika.
July - uNtulikazi
Izulu lomisile kubhenguza umoya oshunqisa izintuli.
August - uNcwaba
Sekuqala izimvula kumile notshani, kumile nezihlahla izulu liqala ukuba ncwaba (fresh) sekuza ihlobo.
September - uMandulo
Abantu sebeqala ukwendulelisa (ukulima)
October - uMfumfu
Okulinyiwe sekuyikhaba (two feet high) sekufufusile
November – uLwezi
Izinambuzane ezakhele emithini zizalela khona kujuze amanzi axhophayo okuthiwa ulwezi.
December – uZibandlela
Sekumile utshani, izindlela (foot-path) azisabonakali |